Siyanda isibalo samabhunu asefake izicelo zokufudukela e-Melika.

Written by on 10 February, 2025

By: Phakeme Mnguni

I-South African Chamber of Commerce eMelika ithi isithole izicelo ezingaphezu kwa-20 000 zabamhlophe baseNingizimu Afrika abafuna ukufudukela eMelika.

Lokhu kuza njengoba uMengameli waseMelika uDonald Trump ekhiphe incwadi yesigungu esiphezulu ngoLwesihlanu olwedlule, emisa usizo lwangaphandle oluza kuleli nokubeka eqhulwini ukuhlaliswa kabusha kwamaBhunu njengezisulu zokucwaswa ngokwebala eMelika njengababaleki.

uMengameli we-Chamber, u-Neil Diamond, usetshele i-SABC ukuthi kungase kube nokufuduka kwabantu abaningi abanamakhono kwezolimo ezweni.

u-Diamond uthi iChamber yeseka abasebenzi betoho bezolimo baseNingizimu Afrika ababalelwa ku-11,000 ngaphansi kohlelo lwama-visa e-US H-2A, iningi labo elingase lifune ukufuduka unomphela kanye nemindeni yabo.

Kanti uphinde wanxusa ohulumeni balamazwe womabili ukuthi babambe iqhaza ezingxoxweni eziphuthumayo zezokuxhumana ukuze kubhekwane nezimbangela zalo myalelo wesigungu esiphezulu futhi bahlole izixazululo ezingakhahlamezi ukusimama komnotho.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background