Siyayilungisa Indaba Yamanzi – Mchunu

Written by on 13 May, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezamanzi uSenzo Mchunu uthi umnyango wakhe sewenze omkhulu umsebenzi ukuhlinzeka ngamanzi imiphakathi ekhahlamezwe yizikhukhula.

uMchunu ubethula isabelomali somnyango wakhe ePhalamende.

Ungqongqoshe uthi ukugcwala kwedamu iHazelmere Dam,eThekwini, KwaZulu-Natal  kwenza ubelula umsebenzi wabo wokuqinisekisa ukuthi izindawo ezakhele lelidolobha zinawo amanzi.

Izikhukhula ezenzeke ngenyanga eyedlule zidale umonakalo omkhulu, neziqhumise amapayipi asabalalisa amanzi emphakathi.

Izakhamuzi kudingeke ukuthi zilindele amaloli amanzi kanye nokuthi ziwakhe kulawomapayipi anqamukile, ikakhulukazi eNanda enyakatho yetheku.

uMchunu uyanaba.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background