Siyenyuka Isibalo Sabafe Emtapweni

Written by on 20 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

UNgqongqoshe osabambile ehhovisi likamengameli, uKhumbudzo Ntshavheni, uthi sesenyukele ku-250 isibalo sabantu abashone ngesikhathi kutatshwa ukudla kanye nezimpahla ezitolo.

Ngesonto eledlule izinxanxathela eziningi zicekeleke phansi ngesikhathi izakhamuzi zizitapela ukudla nempahla, zaphinde zashisa izakhiwo nangomlilo.

Uhulumeni usola iqeqebane labathile ngokuhlela konke lokhu okubonakale kakhulu ezifundazweni ezimbili iKZN kanye neGauteng.

Akugcinanga lapho njengoba lokhu kuholele ekutheni kubekhona izimpi phakathi kwabasendiya kanye nabantu abamyama, ePhoenix eNyakatho yetheku. Kudlule emhlabeni abantu abangaphezu kuka-20 kulezingxabano.

U-Ntshavheni uthi isimo sesiyaqala sibuyela kwesejwayelekile manje.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background