Siyenyuka Isibalo Semfuyo Ehlaselwe Isifo Samatele eKZN

Written by on 14 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezolimo KwaZulu-Natal uthi ukhathazekile ngezakhamuzi ezisaqhubeka nokuthutha imfuyo ngisho zixwayiswa ngokubheduka kwesifo samatele.

Lomnyango uthi siyenyuka isibalo sezindawo esezihlaselwa yilesisifo, okudalwa ukuhamba kwemfuyo enalesisifo iye kwezinye izifunda zesifundazwe.

Amatele aqele ukubikwa esifundeni uMkhanyakude, iKing Cetshwayo kanjalo neZululand.

Oyisikhulu esiphezulu kulomnyango, uThemba Sikhakhane, uthi bakhathazekile njengoba besazama ukubheka umonakalo walesisifo, kodwa babona sihamba ngamandla ngenxa yokungalaleli komphakathi mawukhuzwa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background