Sizimisele Ukusebenzisana Nezinkampani Ezinekhambi leCOVID-19 – Mkhize

Written by on 23 November, 2020

By: Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize uthi ukutholakala komgomo ozokwazi ukulwisana negciwane iCovid-19, kuyoyisiza kakhulu iNingizimu Africa emizamweni yayo yokulwa nalolubhubhane.

Izinkampani ezintathu manje, sezizwakalise ukuthi akusekude zimemezele umgomo ozakwazi ukusebenza ngokuphelele, unqobe lomkhuhlane osubulale izinkulungwane zabantu emhlabeni.

uMkhize uthi lelizwe lizimisele nokusebenzisana nanoma iyiphi inkampani ezama ukusindisa abantu ngokuthola ikhambi le Covid-19.

Uthi okumkhathaza kakhulu manje ukwenyuka kwezibalo zabathelelekayo ngenxa yabantu asebeyeke ukuziqaphela.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background