Sizokwethulwa ngesonto elizayo ismemezelo mayelana nokuvulwa kwezikole

Written by on 15 May, 2020

Ungqongqoshe wezemfundo emazingeni ayisisekelo, u-Angie Motshekga, kulindeleke ukuthi asethule ngesonto elizayo ismemezelo mayelana nokuvulwa kwezikole.

Izolo uMotshekga bekulindeleke ukuthi achazele isthangami sabezindaba mayelana nezinhlelo zokuvula kwezikole kodwa wahlehlisa.

Kanti imibiko iveza ukuhoxa kwalesthangami kuza njengoba izinyunyana zothisha zishaya phansi ngonyawo zifuna umnyango uziqinisekise ukuthi usuwenze konke okumele ukwenze ukuphephisa othisha nabafundi kwi Covid-19 ezikoleni.

Okhulumela umnyango, u-Elijah Mhlanga, uthi ezinye izifundazwe zisalinde amaMask, izifutho zokubulala amagciwane, kanye nokunye.

Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm

By: Sthulile Mdletshe


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background