Sizomeseka Kumnyama Kubomvu uMagashule – MKMVA

Written by on 7 July, 2021

By: Lindelani Mbatha

Omakadebona boMkhonto weSizwe iMKMVA bathi bazomeseka unobhalala jikelele weANC, uAce Magashule, uma esezovela phambi kwesigungu esiphezulu iNWC.

uMagashule utshele abalandele beANC eNkandla ukuthi kukhona abafuna ukuhlakaza bonke ubuholi bamagatsha kanjalo nobezifunda ukuze kuzokhethwa lobo obeseka abantu abathile.

Kodwa esithangamini sabezindaba izolo isekela lakhe uJessie Duarte uziphikile lezinsolo, wathi bazombiza ukuba azochaza ukuthi ubechaza ukuthini.

Oyisikhulumi seMKMVA, uCarl Niehaus uthi bazomeseka kumnyama kubomvu uMagashule ngoba kukhona abasetshenziswa izinhlaka zangaphakathi ukulwa nabathile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background