Sizongeniswa Esibayeni Isilo

Written by on 5 August, 2022

By: Zilungile Mkhize

UNdunankulu kaZulu Inkosi Mangosuthu Buthelezi, usememezele ukuthi Isilo uMisuzulu ka Zwelithini uzokwenza umcimbi wesintu wokungena esibayeni, esigodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma, ngomhlaka 20 kulenyanga.

Lomcimbi wenzelwa ukuqinisekisa ukuthi inkosi isingakwazi ukuqala yenze amasiko okulungiselela nokugubha ukubekwa esihlalweni sobukhosi ngokuphelele.

UButhelezi uthe umengameli wezwe uCyril Ramaphosa naye usakuqinisekisa ukuthi uyakweseka ukuphakansyiswa kukaMisuzulu njengesilo esiphelele.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background