SONA2023: I-Defend Our Democracy Ifuna Umengameli Acacise Ngesimo Sezwe Kwi-SONA

Written by on 9 February, 2023

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano engenzi nzuzo iDefend Our Democracy ithi izakhamuzi kumele zihlangane zikhulume ngazwi linye ukuzwakalisa izinkinga ezibhekene nalelizwe, uhulumeni namanje angazilungisi.

Lenhlangano ithi umengameli, uCyril Ramaphosa, uyobe enze iphutha elikhulu, uma engaqalanga inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni namhlanje, ngokuxolisa ngesimo abantu bakuleli asebephoqeleke ukuthi baphile ngaphansi kwaso mihla namalanga.

Lenkulumo ilindeleke namuhla kusihlwa, eCape Town City Hall.

Okhulumela iDefend Our Democracy, uNonkululeko Mtambo uthi inkinga kagesi iyona ekumele ibe seqhulwini kulenkulumo kamengameli, kodwa aphinde agxile ekutheni uhulumeni uhleleni ngokubiza kwezinga lokuphila, ukwenyuka kokudla, uphethiloli, kanjalo nesimo esisemazingeni aphansi sezempilo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background