Azar Jammine
Usomnotho, uAzar Jammine, uthi ukwenyuka kwamanani empahla akusho ukuthi abantu mabaqale batatazele ngoba lesimo sisazoshintsha. Izolo iStatistics South Africa, imemezele ukuthi amanani empahla angahle anyuke ngo 4.6% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka ophelile. uJammine uthi lesibalo singaphezulu kwaleso abebesilindele nabo kodwa akusiyo into ezohlala yize kusazoba nziba kubathengi. Listen here: https://iono.fm/e/833406 By: Zilungile Mkhize
-
Pages