Bhizana
Ubaba womfana ominze edanyini iBizane eDumbe enyakatho yakulesisifundazwe, uThami Ntshangase, uthi ukhathazekile ngokungatholakali kwesidumbu sengane yakhe. Lomfanyana oneminyaka engu 17 ubudala kusolakala ukuthi uminze kulelidamu emvakokujahwa ngamaphoyisa. Kusolakala ukuthi amaphoyisa abepatilola kulendawo eku-Ward 5 afice iqeqebane labafana lidlala ibhola ase eyabahubha nalaphoke lomfanyana engene kulelidamu wangaphinde wabonakala. Ngokwemigomo yeNational Lockdown Level 3 abantu abakavumeleki ukuba […]
-
Pages