Durban

By: Lindelani Mbatha Izakhamuzi zakuleli eThekwini zithi emva kokhetho zilindele ukuthi uhulumeni omusha adale amathuba emisebenzi, aphinde athuthukise izindawo zasemakhaya. Lezizakhamuzi bezikhuluma nabezindaba zeGagasiFM njengoba namhlanje izinkumbi zabantu kulindeleke ukuthi zivote ezikhungweni ezahlukene kulesifundazwe. Izikhungo zokuvota zizolokhu zivuliwe, kuze kuyoshaya u9 kusihlwa. Lezizakhamuzi zithi imfundo yamahhala yiyo okumele ibe seqhulwini. Listen below: https://iono.fm/e/685654

By: Zilungile Mkhize Amaphoyisa asankanisile eThekwini lapho eqaphe khona isimo njengoba abasebenzi bamasipala beqhubeka nesiteleka sabo. Labasebenzi bamashele edolobheni namuhla beqhuba umkhankaso wabo mayelana nodaba lokwenyuselwa amaholo ngendlela ehlelekile. Bathi abahambisani nesenzo somkhandlu sokuqasha abantu boMkhonto Wesizwe ezikhaleni ebezikhona ekubeni kunenqwaba yabasebenzi abangaqashiwe ngokuphelele. Amaphoyisa athi azoqhubeka nokuqapha idolobha.

27 December, 2018


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background