eThekwini Municipality

Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usenxuse inkampani yamabhasi i-Transnat ukuthi ixazulule izinkinga enazo nabashayeli bamabhasi. UMeya usho kanje ngenkathi ekhuluma nabashayeli bamabhasi kulandela ukuthi bedale isiminyaminya emigaqweni yeTheku namhlanje bepake amabhasi avundla umgwaqo. I-Transnat uhlale unokungaboni ngasolinye nabashayeli kusukela wathenga amabhasi kamaspala. Kanti umeya uKaunda uthi lesisenzo asehlukile nokubamba abantu baseThekwini kanye nomnotho wedolobha ngobhongwane enxusa […]

Obeyimeya yeTheku nosabhekene namacala enkohlakalo, uZandile Gumede, usegcotshwe njengelungu leANC esishayamthetho sesifundazwe. Lokhu kuza nje unoxhaxha lwamacala enkohlakalo abhekene nawo angakaqulwa enkantolo. Usolwa ngokunikezela ngamatender okuqoqa imfucuza kulabo abasondelene naye ngesikhathi esayimeya yeTheku. UGumede efunga ukuba ilungu lesishayamthetho elithembekile usebeke kanje. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm Khonamanjalo uGumede usethembise ukuthi uzokwethembeka esikhundleni sakhe esisha […]

The Democratic Alliance says it has given its legal representatives the go-ahead to file papers in the High Court to challenge the rationality of some lockdown related issues. These include limitations on e-commerce, exercise and curfew restrictions. The party’s interim leader, John Steenhuisen, says they understand the seriousness of the coronavirus, but these restrictions limit […]

iANC youth league eThekwini ithi isiphinde yasifaka futhi isicelo sayo sokuthi ihlinzekwe yilomasipala ngo-1 billion wamarandi. Kuzokhumbuleka ukuthi loludaba luphendule ubuholi balenhlangano kanye nowayengumeya walelidolobha, uZandile Gumede, inkukhu nempaka. Loluphiko belusola uGumede ngokwehluleka ukugcina isethembiso asenza ngenkathi ethatha leskhundla ngo 2016 sokuthi uzohlinzeka abantu abasha lemali. Oyisikhulumi seANC youth League eThekwini, uThulisa Ndlela, uthi bayethemba […]

Uhulumeni wesfundazwe uthi kubalulekile ukuthi abantu bakuleli bawuqonde umlando kanye nemvelaphi yabo ikakhulukazi abantu abasha. Uhulumeni usho kanje emcimbini obuhlelwe wumaspala weTheku wokukhumbula kanye nokuhlonipha amaqhawe omzabalazo angaqakambiswa. Lomcimbi iSiyabakhumbula Memorial Day ububanjelwe eMgababa eningizimu yesfundazwe. Usomlomno kamaspala uWeziwe Thusi uyenaba. Listen here: Content hosted by iono.fm   By: Bright Ntuli

By: Lindelani Mbatha   Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usehambe emazwini kamengemli, uCyril Ramaphosa, ukuthi kubhekanwa ngqo nezinhlangano ezifuna ngendluzula amasheya athile ezinkanpanini ezinikezwe umsebenzi ngulomasipala. uKaunda ukhulume kanjena nabezindaba zeGagasi fm, kanti noRamaphosa washo okufanayo ngesikhathi esesteshini samaphoyisa eNanda enyakatho yeTheku. uMengameli yena wakubeka ngembaba ukuthi kumele kubhekwane nenhlangano eyaziwa ngaMadela ngokubona. uKaunda uthi angeke […]

By: Bright Ntuli   Abasebenzi abangu 7 ababoshwe ngemva kokuthi begasele emahhovisi kamaspala weTheku bachitha indle ngoba bekhala ngokungaholelwa bayavela namhlanje enkantolo. Labasebenzi abangosonkotileka abancane abaqashwe usonkontileka oqashwe umaspala ukumoma indle emathoyilethi ezikhulu. Labosonkontileka bathi sekuphele izinyanga ezingu 6 besebenza kodwa bengaholi. Oyiskhulumi sikamaspala, uMsawakhe Mayisela, useyigxekile indlela labasebenzi abakhombise ngayo ulaka labo. Listen here: […]

By: Zilungile Mkhize Amaphoyisa asankanisile eThekwini lapho eqaphe khona isimo njengoba abasebenzi bamasipala beqhubeka nesiteleka sabo. Labasebenzi bamashele edolobheni namuhla beqhuba umkhankaso wabo mayelana nodaba lokwenyuselwa amaholo ngendlela ehlelekile. Bathi abahambisani nesenzo somkhandlu sokuqasha abantu boMkhonto Wesizwe ezikhaleni ebezikhona ekubeni kunenqwaba yabasebenzi abangaqashiwe ngokuphelele. Amaphoyisa athi azoqhubeka nokuqapha idolobha.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background