IFP
Inkantolo yaseMtuba enyakatho yesfundazwe, isiphinde yalihlehlisa icala lezinsolo zenkohlakalo yokuvota kabili kwekhansela le-IFP okhethweni lukazwelonke lwangonyaka odlule. USqiniseko Mthembu, oyikhansela le-IFP kuWard 4 eHluhluwe selokhu wabekwa lelicala ngosuku lokuvota. Lelicala kalikaze liqulwe njengoba lihlale lihlehla ngaphandle kwesizathu. Kulokhu lihlehlele umhlaka 28 September. Ukhansela Mthembu uthi usebona ukuthi lelicala linenhlese yepolitiki ehlose ukumketula ewadini. Listen here: […]
Political parties have mixed reactions to the government’s decision to move the entire country down to level three lockdown as from the first of next month. Under this level more sectors of the economy will be opened, alcohol will be sold for home consumption on certain days and hours while the sale of tobacco products […]
Umengameli weIFP, uVelenkosini Hlabisa, uthi akufanele ukunikezelwa kwama food parcels kukhethe ibala lomuntu noma iqembu lepolitiki kodwa akusizwe bonke abasesidingweni. UHlabisa usho lokhu njengoba kade ebehambele ihostela iDalton eThekwini ukuyonikelela abahlali bakhona ngokudla nangezinto zokuzihlanza. UBongani Gina uyabika. Podcast stream by Fabrik.fm By: Bongani Gina
Ukudutshwa kwelungu eliqavile le-IFP eDukuduku eMtuba enyakatho yesifundazwe, sekushiye abaningi bekhungathekile ngembangela yalesigameko. UThengezakhe Maphanga, obeneminyaka engu 53 ubudala uhlaselwe abantu abangaziwa abebehlome ngezinhlokohlela zezibhamu nabafike bamdubula amahlandla angu-28 umzimba wonke. uMaphanga ushonele endlini abekuyo esathandaza. uMthokozisi Manqele uyabika: Podcast stream by Fabrik.fm By: Mthokozisi Manqele
Umengameli we IFP Women’s Brigade, uMntwana uPhumzile Buthelezi, uthi ekuhambeleni kwabo umphakathi osezindaweni ezisemakhaya bathole ukuthi baningi abantu abangakafundiseki nge coronavirus. UButhelezi usho kanje ngemva yena nozakwabo basesishayamthetho nasephalamende likazwelonke bahambele idolobha lasoLundi nezindawo ezilakhele ukufundisa ngalolubhubhane. Phakathi kwezindawo abazihambele kubalwa nezikhungo zokuholela izibonelelo zikahulumeni nalapho bethi bafice khona olayini abade. Listen here: https://iono.fm/e/839465 By: […]
Izinhlangano eziphikisayo kulesisifundazwe zithi uNgqongqoshe wezezimali, uTito Mboweni, kumele anciphise imali yezindleko zongqongqoshe. uMboweni kulindeleke ukuthi athule isabelo mali sakhe sika 2020/2021 ephalamende. Umholi weDA kulesisifundazwe uZwakele Mcwango uthi iningi imali echithwa kongqongqoshe enganasidingo. Listen here: https://iono.fm/e/822374 Khonamanjalo usihlalo weIFP kulesisifundazwe uThami Ntuli uthi uMboweni kumele afake kakhulu imali ekuthuthukiseni osomabhizini abasezindaweni zasemakhaya. Listen here: […]
Iqembu le IFP kumaspala waseMajuba District, lithi lifuna kuphenywe ngezinsolo ezithi iMayor yeDistrict, uMusa Ngubane, usesebenzise imali elinganiselwa ku R11 million kusukela ngo 2016 ukuba agadwe. Usotswebhu we IFP eMajuba, uThami Nzuza, uthi umthetho kaCogta uthi iMayor kufanele ibe nabaqaphi ababili nje kuphela kodwa uNgubane yena unabaqaphi abangu 6, okubalwa nabagada emzini wakhe. UNzuza uthi […]
I-IFP kulesfundazwe ithi likhathazekile ngokwanda kwezigameko zokutholakala kwezingane ezisuke zisanda kuzalwa zilahlwe emigqonyeni nasemihosheni. Ukuphawula kwe IFP kulandela isigameko sokutholakala kosana obelusanda kuzalwa selushonile lugoqiswe okwephasela lalahlwa estamkokweni ilanga lishisa likhipha umkhovu etsheni. Okhulumela i-IFP kweziphathelene nezenhlalakahle esishayemthetho, uLes Govender, uthi ziningi izindlela ezikhona ezingasetshenziswa njengokunikela ngaye umntwana uma umuntu engamfuni. Listen here: https://iono.fm/e/766005 By: […]
By: Mthokozisi Manqele Uphiko lwabesfazane lwe IFP eJozini enyakatho yesfundazwe, seluphonsele umnyango wezokuphepha inselelo ukuthi uthathe isinqumo sokuthi kuvalwe zonke izindawo ezisemphakathini ezidayisa utshwala kuze kuse. Loluphiko luthi lezindawo zigcina seziyizidleke zabadlwenguli. uSihlalo weWomen’s brigade, uNobuhle Jobe, usho kanje njengoba kade benemashi yokukhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane eJozini. UJobe uthi leyandawo ingezinye zezindawo zakulesfundazwe ezinezigameko […]
By: Lethiwe Mdluli Only 16.6 % of the over 1500 voting districts in the country have completely finished counting so far, and over 2 million votes have been counted so far. Results have been trickling in overnight, and current data shows that the ANC is enjoying an early lead nationally. The IEC’s latest update shows […]
By: Zilungile Mkhize Njengoba sekusele izinsuku ezingu 22 kuphela kuyiwe okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe, sekucace bha ukuthi alikho iqembu elizithele ngabandayo. I-ANC ibithe chithisaka eWestern Cape, eGauteng nase Eastern Cape, lapho abaholi bayo bebekhankasa khona. Umengameli weANC uCyril Ramaphosa uthi udaba lwezindlu lubaluleke kakhulu kubo. https://iono.fm/e/676831 Kanti umholi weNkatha Freedom Party, uMtwana uMangosuthu Buthelezi, uthathe umkhankaso […]
By: Lindelani Mbatha Inkatha Freedom Party Campaigns Committee Chairperson, Narend Singh, says they are concerned about the massage allegedly being circulated by the DA, instructing voters not to vote for smaller parties in the province. Singh has been briefing media on the IFPs state of readiness ahead of the May 8 polls, at the party’s […]
-
Pages