murder
Abantu abangu 4 sebedutshulwe babulawa ngenkathi indoda engaziwa ivulela ngenhlamvu esxukwini eCreighton ngase Xopo eningizimu yesfundazwe. Amaphoyisa athi omunye umuntu ulimale kanzima kulesgameko kanti kumanje usethola ukwelashwa esbhedlela. Aqhuba ngokuthi ababili abanye basinde ngokulambisa kulokuhlaselwa. Oyiskhulumi samaphoyisa akulesfundazwe, uNqobile Gwala, uthi sebembophile umsolwa. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm By: Bright Ntuli
Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana kulesfundazwe, uSipho Hlomuka, uthi amaphoyisa kumele asebenze ngokuzikhandla ukuthola ababulali benduna yase Mtubatuba enyakatho yesfundazwe. uHlomuka ubekhuluma nabezindaba zeGagasi Fm emva kokuhambela umndeni, kaPhillip Mkhwanazi, izolo. Lenduna idutshulwe yabulawa abantu abangaziwa ngaphandle komuzi wayo eKhula Village, kanti uHlomuka uthi izigameko ezifuze lesi ziyakhathaza kakhulu. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm By: Lindelani […]
By: Sthulile Mdletshe Owesifazane osolwa ngokubulala isinqandamathe sakhe kwelinye lamahhotela aphambili eMhlanga enyakatho yeTheku usededelwe ngebheyili yamahhala. Umeli walowesimame, uRavindra Manklala, uthi wenze izethulo nomshushisi omkhulu kwabe sekuthathwa isinqumo sokungamshushisi ngecala lokubulala. Lomsolwa akavelanga nokuvela enkantolo, kodwa uphenyo ngokubulawa kukamufi okukholakala ukuthi ubengudokotela, luyaqhubeka. Listen here: https://iono.fm/e/760407
-
Pages