Mxolisi Kaunda

Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usenxuse inkampani yamabhasi i-Transnat ukuthi ixazulule izinkinga enazo nabashayeli bamabhasi. UMeya usho kanje ngenkathi ekhuluma nabashayeli bamabhasi kulandela ukuthi bedale isiminyaminya emigaqweni yeTheku namhlanje bepake amabhasi avundla umgwaqo. I-Transnat uhlale unokungaboni ngasolinye nabashayeli kusukela wathenga amabhasi kamaspala. Kanti umeya uKaunda uthi lesisenzo asehlukile nokubamba abantu baseThekwini kanye nomnotho wedolobha ngobhongwane enxusa […]

Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, uthi njengoba imigomo yokuvalwa kwezwe isixegiselwe ku level 2, nokusho ukuvulwa kwemikhakha ebivaliwe bazozama ngayo yonke indlela ukuvuselela umnotho. UKaunda uthi phakathi kwezinto abazibeke eqhulwini ukuthi kube noguquko olunqala lwezomnotho, iRadical Economic Transformation ukuze kungaphindi kuhlomule abayidlanzana. uMeya usho kanje ngenkathi ekhuluma nezindaba zeGagasi FM eMhlanga enyakatho yeTheku ngemva kokuhambela izindawo […]

IMayor yeTheku, uMxolisi Kaunda, ithi umkhakha wezokuvakasha kulelidolobha usukulungele ukuqhubeka nomsebenzi wokusingatha izivakashi ezizongcebeleka kulelidolobha njengoba sezivunyelwe ezokuvakasha ku level 2. UKaunda usehambele izindawo zokudla namahhotela agudle ulwandle eThekwini ukuhlola ukuzilungiselela kwalezi zindawo. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm By: Bongani Gina

Undunankulu wakulesfundazwe, uSihle Zikalala, uthi uhulumeni uzimiselele ukulungisa lapho ephambuke khona ukuze kuvikelele impilo yabasebenzi abalwisana nobhubhane iCovid-19. uZikalala ukhulume kanjena emahovisi kahulumnei eMayville eThekwini, ngesikhathi ethula izindlela ezahlukahlukene abazozisebenzisa ukulwisana nokubhebhetheka kwalesifo. Uthi impilo yabasebenzi baka hulumeni kumele nayo ibekwe phambili njengoba kuyibo ababhekene ngqo nalesifo. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm Khonamanjalo umeya […]

iANC youth league eThekwini ithi isiphinde yasifaka futhi isicelo sayo sokuthi ihlinzekwe yilomasipala ngo-1 billion wamarandi. Kuzokhumbuleka ukuthi loludaba luphendule ubuholi balenhlangano kanye nowayengumeya walelidolobha, uZandile Gumede, inkukhu nempaka. Loluphiko belusola uGumede ngokwehluleka ukugcina isethembiso asenza ngenkathi ethatha leskhundla ngo 2016 sokuthi uzohlinzeka abantu abasha lemali. Oyisikhulumi seANC youth League eThekwini, uThulisa Ndlela, uthi bayethemba […]

By: Lindelani Mbatha   Umeya weTheku, uMxolisi Kaunda, usehambe emazwini kamengemli, uCyril Ramaphosa, ukuthi kubhekanwa ngqo nezinhlangano ezifuna ngendluzula amasheya athile ezinkanpanini ezinikezwe umsebenzi ngulomasipala. uKaunda ukhulume kanjena nabezindaba zeGagasi fm, kanti noRamaphosa washo okufanayo ngesikhathi esesteshini samaphoyisa eNanda enyakatho yeTheku. uMengameli yena wakubeka ngembaba ukuthi kumele kubhekwane nenhlangano eyaziwa ngaMadela ngokubona. uKaunda uthi angeke […]

By: Zilungile Mkhize eThekwini Mayor, Mxolisi Kaunda, says the metro has developed so much, that it is now competing with major cities around the world. Kaunda had been addressing the official opening of the Mara smartphone manufacturing plant at the Dube Trade Port Special Economic Zone, north of Durban. He says eThekwini is now the […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background