SASSA grants

Iskhungo esbhekel’ ukuholela izibonelelo zikahulumeni uSassa sithi kubantu abangu 5 million abafake izicelo zoxhaso lwabangasebenzi bangu 39 000 abazoluthola ekupheleni kwalenyanaga. Okhulumela i-Sassa, uPaseka Letsasti, uthi izinxushunxushu eziningi zidalwe ukuthi kutholakele ukuthi iningi lalabo abafake izicelo vele kukhona imali abayiholayo. Lemali yesibonelelo sika R350 iyingxenye yemizamo kahulumeni yokusiza abantu abangasebenzi njengoba izwelonke likhahlanyezwe ubhubhane i-Covid-19. […]

Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uLindiwe Zulu, uthi nakanjani bazoyikhokha imali engu-R350 yesibonelelo sikahulumeni sabantu abangasebenzi. Isikhungo esengamele ukusatshalaliswa kwemali yesibonelelo sikahulumeni i-SASSA sisakhokhele kuphela abantu abangu-10. Babalelwa ku-4 million abantu abafake izicelo zokuhlomula ngalemali kanti izicelo ezingu-2.6 million sezihlonzwe njengezisemthethweni. uZulu uthi abafuni ukwenza iphutha lokukhokhela abantu abakufanele ukuhlomula lemali. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background