Sbongiseni Dhlomo
Umnyango wezempilo usuveze ukuthi ukubakhona kwethimba lodokotela eliqhamuka eCuba kuzodla iNingizimu Africa uR239-million wamarandi njengoba kuyoze kushaye uApril 2021 bekuleli. Labodokotela abangu 187 bajutshwe ezibhedlela ezahlukene kuzwelonke ukulekela abasebenzi bezempilo kuleli. Usihlalo wekomidi elibhekelele ezempilo ephalamende, uSbongiseni Dhlomo, uthi lemali ngeyezindleko ezahlukene. Uthi umsebenzi wabo kanye nabakuleli uyabonakala ezibhedlela. Listen here: Podcast stream by Fabrik.fm […]
Izinkulungwane zabahlengikazi abangaqashiwe ziyamasha enkabeni yedolobha iMaritzburg, zibheke emahhovisi omnyango wezempilo. Lamahlengikazi bakhala ngokunganakwa yilomnyango, abathi ushaya indiva izikhalo zawo nezifiso zokuqashwa ngokuphelele. Bathi owayengungongqoshe wezempilo kulesifundazwe, uSbongiseni Dhlomo, wabathembisa ukuthi bazoqashwa kancane kancane minyaka yonke, kodwa uze waphuma engakwenzaka lokhu. Laba sebetshele izindaba zeGagasiFM ukuthi sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi belinde ukusebenza. Listen here: https://iono.fm/e/773440 […]
-
Pages