Sizwe Ngcobo

By: Lindelani Mbatha Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kulesfundazwe, uNonhlanhla Khoza, uthi unethemba lokuthi umeya omusha womkhandlu uGu, eNingizimu yesfundazwe, uzokwazi ukubhekana nezinselelo ezikhungethele umphakathi wakuleyandawo. uKhoza ubekhuluma ngesikhathi kugcotshwa ngokusemthethweni, uSizwe Ngcobo, njengomeya omusha walomasipala. Lomkhandlu ubhekene nenkinga yokushoda kwamanzi kanye nokuguga kwengqalasizinda. uKhoza uthi kuzomele uNgcobo asebenzele nokudala amathuba emisebenzi. Listen here: https://iono.fm/e/755112

By: Lindelani Mbatha Umeya womkhandlu Ugu, uSizwe Ngcobo, uthi uzolwisana nezinkinga ezibhekene nabantu besifazane kanye nezingane. uNgcobo ubekhuluma ngesikhathi egcotshwa ngokusemthethweni njengomeya omusha walomasipala. Izibalo zabakwa stats SA ziveza ukuthi bathathu abantu besifazane ababulawa njalo ngehora kuleli. uNgcobo uthi uzobhekana ngqo nalezigameko kulomasiapala. Listen here: https://iono.fm/e/755034 Izolo uNgcobo unxuse amakhansela ukuba asebenze ngokuzukhandla ukuthuthukisa izimpilo […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background