Thandi Modise

Usomlomo wePhalamende, uThandi Modise, uthi awekho amalungiselelo asebewenzile ukubhekana nokuphazanyiswa kwenkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni ngesonto elizayo. iSONA izoba ngolwesine mhlaka 13 February. Kuleminyaka edlule lenkulumo ibiphazanyiswa ukungaziphathi kahle kwamalungu amaqembu aphikisa, kanti ekuqaleni kwalelisonto, iEFF isabise ngoyiphazamisa lenkulumo ngoba inezikhalo ngomengameli nokuziphatha kwakhe. uModise uthi banethemba lezixakaxaka ngeke zisenzeka, ngoba ngeke zinakwe nakancane. Listen here: […]

Usomlomo wePhalamende, uThandi Modise, uthi ubumbano nothando olubonakale kulelizwe, kulandela ukunqoba kweqembu leRugby lakuleli indebe yomhlaba, yinto afisa iqhubeke ingapheli. uModise usho kanjena ekhuluma nabezindaba ePhalamende eKapa, lapho amalungu eqembu lamaBhokobhoko ehambele khona emini nje. Uthi okucace bha, ukuthi ezemidlalo zinesasasa elanele lokubuyisa abantu bazo zonke izinhlanga ukuthi babendawonye ngaphandle kokucwasana. Listen here: https://iono.fm/e/773417 By: […]


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background