U-Arthur Zwane ulindele ubuso obusha eNaturena
Written by Ayanda Nyuswa on 31 March, 2023
BY: Simtho Dladla
Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs u-Arthur Zwane useqinisekisile ukuthi kuzobonakala ubuso obusha kuleliqembu nge-season ezayo.
Emva kwe-season engabaga yinhle eNaturena, uMangethe uthi basebenza kanzima kumanje ukuqinisekisa ukuthi bathola abadlali abangashintsha isimo kuleliqembu. Umdlali wasesiswini kuGolden Arrows uPule Mmodi ungomunye wabadlali olusohlwini lweKaizer Chiefs ukuthi azoqinisa kuleliqembu. Inkontileka anayo naBafana Besithende iphela ngoJune nokumnika ithuba lokujoyina nanoma iliphi iqembu alithandayo.
Ngesonto eledlule kuphume imibiko yokuthi iKhosi lisayinise isiqongqwane somdlali wasemuva ogijima eqenjini le-TS Galaxy aphinde abe uKaputeni uGiven Msimango. Akaqali uMsimango ukumataniswa ne-Chiefs kulandela ukuthi ngeseason ephelile uke wakhonjwa khona kodwa wakhethe ukulula inkontileka yakhe ngomunye unyaka.
Mangethe akaphikanga noma avume ukuthi uMsimango usengumdlali wabo.
image: Kaizer Chiefs
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.