U-Cele Uphawula Ngokusocongwa Kosopolitiki waseThekwini

Written by on 18 October, 2021

By: Lindelani Mbatha

Oyilunga lesigungu esiphezulu kuANC uBheki Cele uthi izigameko zokubulawa kwabantu okuhlobene nezepolitiki KwaZulu-Natal zibakhathaza kakhulu.

U-Cele ukhulume kanjena nabezindaba ngesikhathi eqhuba umkhankaso wenhlangano ebusayo eThekwini.

Ngesonto eledlule kudutshulwe kwabulawa ogaqele isikhundla sokuba yikhansela kuWard 101, ngaphansi komasilapa weTheku uSiyabonga Mkhize ngesikhathi bezihlalele emotweni.

Kulesisigameko kudutshulwe nabanye abathathu, oyedwa naye odlulile emhlabeni abanye ababili baphuthunyiswa esibhedlela.

U-Cele uthi lelicala selithunyelwe kulabo abaphenya izigameko zokubulala okuhlobene nezepolitiki.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background