U-Cele Usehlambuluke ngo-Sitole
Written by Mfundo on 28 February, 2022
By: Bongani Gina
Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi izinto besezizimbi kangangokuba bese bezithola bengasebenzi ngokubambisana nokhomishana wamaphoyisa, uKhehla Sitole.
U-Cele usho lokhu kulandela isimemezelo sikamongameli uCyril Ramaphosa sokuthi ngeke esayivuselela inkontileka kaSitole, njengoba egcina nje ukuba nguKhomishana ekupheleni kukaMarch.
Unqgongqoshe ukhala nangokuthi ngesikhathi sezidubedube ezazimandla KwaZulu-Natal nase Gauteng ngoJuly wangonyaka owedlule, uSitole akabonwanga ngisho nangokhalo.
Uthi nangesikhathi kufanele kuyoboshwa owabe engumengameli uJacob Zuma, akafikanga nhlobo ekubeni kunguye umholi wamaphoyisa.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.