U-Cele Usola u-Malema Ngokufuna Ukumuketula

Written by on 15 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Ungqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele usesole umholi we-EFF uJulius Malema ngokuhlangana noKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uKhehla Sitole wangonyaka odlule, ngenhloso yokuhlanganisa itulo lokumketula esikhundleni.

U-Cele ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kuqhubeka inkulumo mpikiswano nge SONA ka mengameli uRamaphosa izolo.

Enkulumeni yakhe, uMalema unxuse uRamaphosa ukuthi akhiphe uCele esikhundleni ethi isimo sezokuphepha kulelizwe sesishayisa ngamahloni.

Kuke kwaba nokushuba kwesimo phakathi kukangqongqoshe uCele noSitole ngemuva kokuthi umengameli eqale uphenyo ngezinsolo zokungaziphathi kahle kukaKhomishana wamaphoyisa kanye nokuthi ukulungele yini ukuphatha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

U-Malema eziphendulela, uyalele uCele ukuthi awaphinde lamazwi uma sebephumele ngaphandle lapho ingasebenzi khona imigomo yePhalamende.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background