U-Cele Uthi Bafunda Nge-Marikana

Written by on 5 July, 2021

By: Sthulile Mdletshe

UNgqongoshe wamaphoyisa, uBheki Cele, uthi amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo eNkandla, ngaphandle komuzi kalowo owayengu Mengameli wezwe, uJacob Zuma.

Izinkumbi zabalandeli baka Zuma zitheleke ngobuningi bazo e-Nkandla njengoba izolo bekulindeleke ukuthi ayozinikela emaphoyiseni ukuze aqale isgwebo sakhe sezinyanga ezingu-15.

Lokhu kugcine kungenzekanga njengoba inkantolo yomthethosisekelo ibuye yavuma ukuthi izosilalela iscelo sika Zuma sokuthi kubuyekezwe isiqumo salenkantolo sokuthi ayobhadla ejele.

Njengoba izwe libhekene nobhubhane iCOVID-19 kube nezikhalo zokuthi amaphoyisa awawuqinisi umthetho ngokufanele kuleyandawo njengoba abantu bebegcwele bebulala inyoka futhi abanye bengazifakile nezifonyo, kungekho nokuqhelelana.

U-Cele uthi labo abaphule umthetho eNkandla bayaphenywa kanti bazobhekana nengalo yomthetho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background