U-Dennis Bloem, uthi kumele ingaphasi eyesikhwama sokuxhsa abadinga ibheyili.

Written by on 19 March, 2025

By: Pamella Majola

Inhlangano i-Activists and the Citizen Forum ithi ayihambisani neze nesikhwama esihlongozwayo esizoxhasa abantu abasuke befake izicelo zebail, uma bebhekene namacala athize.

Lenhlangano ithi uma kungaphasiswa lesikhwama kungaholela ekutheni kwande ubugebengu ezweni, nokungaholela ekugcwaleni ngokweqile emajele.

Okhulumela i-Activists and the Citizen Forum, uDennis Bloem, uthi okudumaza kakhulu ukuthi kuhlongozwa ukusetshenziswa kwemali yabakhokhi bentela ukusingatha lesikhwama.

Ubeke wathi kungumsebenzi kahulumeni ukugcina izigebengu ziboshiwe ngaphakathi futhi bangazisizi ekwenzeni ubugebengu obuningi, kanti zikhona ezinye izindlela zokubhekana nokugcwala emajele, kepha hhayi lesi sikhwama sebheyili.

Listen to the full bulletin below:

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background