U-Didiza Uthi Bazokuthola Ukulekelelwa Abalimi Abakhahlamezekile

Written by on 22 April, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezolimo uThoko Didiza uthi bazosungula ithimba elizobheka umonakalo odalwe yizikhukhula liphinde lisheshise ukutakulwa kwabalimi.

U-Didiza ubekhuluma nabalimi eThekwini kulandela ukukhahlamezeka kwama pulazi ngenxa yezikhhukhula, nobuhlelelwe ukulalela izikhalo zabalimi.

Ungaphezu kuka R200 million umonakalo odalwe yilezikhukhula emaplazini ahlukene akhiqiza ukudla okondla izakhamuzi kulelizwe.

Kucekeleke phansi impahla, kwadilika nezindlu kwaphinde kwaphazamiseka inhlalo yalaba abahlala emaplazini.

U-Didiza uthi bazimisele ukuvikele imboni yozolimo.

Abalimi kulesifundazwe bathi izikhukhula zangesonto eledlule zidale umonakalo omkhulu emaplazini abo.

Bekhuluma kulomcimbi, abanye balabalimi bathi balahlekelwe yizitshalo kanti abanye bathi balahlekelwe yimfuyo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, abahlali basema Pulazini bathi uhulumeni kuzomele anikeze bona ngqo izinsiza zokubatakula njengoba bekhahlamezwe yizikhukhula.

Nabo bangabanye babantu abalahlekelwe yindawo yokuhlala, izimpahla zokugqoka kanjalo nemfuyo.

Unobhalala weLandless People’s Movement kulesisifundazwe uTholakele Ndaba, uthi esikhathini esiningi izinsiza azifiki kuwowonke umuntu ngoba zidlula kubantu abaningi futhi abangaluqondi usizi lwabo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background