U-Dlamini Usasebumnyameni Ngekusasa Lakhe

Written by on 4 April, 2022

By: Zilungile Mkhize

I-ANC kulindeleke ukuthi idingide ngekusasa likamengameli wophiko lwabesifazane uBathabile’s Dlamini khona namhlanje.

Kuzokhumbuleka ukuthi inkantolo ephakeme eGoli, yamthola enecala lokuqamba amanga efungile, yabe isimgweba ukuba akhokhe imhlawo nama ayobhadla ejele ngalesenzo.

Nokho, uDlamini usakhona esikhundleni sakhe sikamengameli, njengoba isigungu esiphezulu se-ANC singakasikhiphi isinqumo ngekusasa lakhe.

Osabambile esikhundleni sikaNobhala-jikelele uPaul Mashatile uthi useke wakuvuma kubasakazeli bomphakathi ukuthi umthetho ka Step Aside we-ANC awucacisi kahle mayelana nobucayi bamacala amalungu asuke ebhekene nawo.

U-Dlamini uthi yena ulindele noma yisiphi isinqumo se-NEC.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background