U-Dlamini Uzogwetshwa Ngo-April

Written by on 10 March, 2022

By: Bright Ntuli

Owayengungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi kuzwelonke uBathabile Dlamini useyoze ezwe ngenyanga ezayo ukuthi inkantolo izomugixabeza ngesigwebo esinjani.

U-Dlamini uvele enkantolo kamantshi eGoli izolo nalapho efike walahlwa khona yicala lokuqamba amanga estatimendeni esifungelwe.

Lokhu kungemva kokuthi engakhulumanga iqiniso ngenkathi ethula ubufakazi bakhe mayelana nodaba lwezibonelelo zikahulumeni phambi kwekhomishana eyayijutshwe yinkantolo yomthetho sisekelo ngo-2018.

Kuzokhumbuleka ukuthi inkantolo yaphoqeleka ukuthi igunyaze ukuba kuqhubeke ukusebenza kwenkampani eyayiqashelwe ukuholelela izibonelelo zikahulumeni iCash Paymaster Services, yize kwase kutholakele ukuthi inkontileka yayo yayingekho emthethweni.

U-Dlamini uzogwetshwa ngomhlaka 1 April.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background