U-Duduzile usegcine exolisile ku-Floyd.

Written by on 14 February, 2025

By: Phakeme Mnguni

Indodakazi kalowo ongumholi weqembu uMkhonto Wesizwe Party uJacob Zuma, uDuduzile Sambudla-Zuma usegcine exolisile kuNobhalal-Jikelele weqembu uFloyd Shivambu.

Lokhu kuza emva kokuthi ekuqaleni kwalelisonto eye enkundleni yokuxhumana u-X (Twitter) washiya angalazi kuFloyd, emubiza nento enganasidingo waphinde wamuchapha ngezinhlamba.

Kuzokhumbuleka ukuthi emva kwalesenzo kube khona incwadi yokuxolisa ekhishwe iqembu, lithi ibhalwe nguye uSambudla-Zuma, kanti wayexolise ezinhlakeni zeqembu kuphela.

“Nakuba nginemibono eqinile, okuhlanganisa nokukhathazeka okujulile ngezindaba zangaphakathi zeqembu, imibono yami ngendlela izindaba ezithile ezingasingathwa ngayo enhlanganweni, ikakhulukazi nguNobhala-Jikelele weqembu, ngiyabona ngokugcwele ukuthi lokho kukhathazeka bekufanele kuxazululwe ngemigudu efanele yangaphakathi, njengoko noMthethosisekelo weqembu.”

Uthi ke uyaxolisa ngezinxushunxushu amazwi akhe azidale ngaphakathi eqenjini, futhi kade kungeyona inhloso yakhe.

“Ngaphezu kwalokho, ngithanda ukudlulisa ukuxolisa kuzo zonke izinhlaka engisebenza ngaphansi kwazo, okuhlanganisa iPhalamende laseNingizimu Afrika kanye ne-Southern Caucus of the Pan-African Parliament.Ngisazibophezele ekusebenzeleni ubunye, inqubekelaphambili kanye nenkululeko ephelele yabantu bakithi.”


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background