U-Duma unxenxa umphakathi ukuthi ubike ngezenzo zenkohlakalo.
Written by Phakeme Mnguni on 20 September, 2024
By: Bright Ntuli
Ungqongqoshe wezokuthutha eKZN uSiboniso Duma usenxuse amalungu omphakathi ukuthi angadembeseli ukuza ngaphambili uma kunezenzo zenkohlakalo aziyo ngazo.
U Duma usho kanje kulandela ukuthi abantu abangu-33 beboshwe ngemva kokuthi abakwasidlodlo belunywe indlebe ngamalungu omphakathi mayelana nenkohlakalo ebandakanya ukukhishwa kwezincwadi zokushayela.
Uqhuba ngokuthi ukuboshwa kwalaba, kumele kunike isibindi namanye amalungu omphakithi ukuthi ampimpe ezinye izigameko zokukhishwa kwama license ngokungemethetho.
Kumanj isibalo salabo asebeboshwe ngezinsolo zokubandakanyeka kulomkhuba sesifinyelele ku-87.
Oyisikhulumi sika Duma uNdabezinhle Sibiya uthi ungqongqoshe uthi umangase nabanye abantu bangenelele emkhankasweni wokulwisana nenkohlakalo, lempi inganqotshwa.