U-Eskom ne-IEC Bahlanganisa Amakhanda Ukunqanda i-Loadshedding Ngosuku Lokhetho

Written by on 25 October, 2021

By: Lindelani Mbatha

Oyisikhulu esiphezulu kunkampani ephakela lelizwe ngogesi iEskom uJan Oberholzer uthi bayaxoxisana nekhomishana yokhetho kuleli i-IEC ukuqinisekisa ukuthi ugesi awuhambi ngosuku lokhetho.

U-Oberholzer ubekhuluma nabezindaba ngezinhlelo zika-Eskom zokubhekana neLoadshedding, ukusebenza kwansukuzonke kanjalo nezinhlelo zokuhlukanisa kathathu lenkampani.

Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli uCyril Ramaphosa wamemezela ukuthi lenkampani ephakela ngogesi izohlukaniswa kathathu ukuze izokwazi ukuzimela ingathembeli kuhulumeni, ukuthi ayinxephezele uma isenkingeni yezimali.

Ngempelasonto lenkampani iqalise uhlelo lokucisha kukagesi izikhawu iLoadshedding kodwa yalumisa manje emini njengoba luzophinde luqale ebsuku ngo-9, kuze kube kusasa.

U-Oberholzer uthi bafuna basebenzisane nayo ikhomishana ukuze ukhetho luzohamba ngendlela.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uOberholzer uthi bazoqhubeka neLoadshedding ebusuku ukuze ingeke ibebikho ngosuku lokhetho.

Ngempelasonto lenkampani iqalise uhlelo lokucisha kukagesi izikhawu iLoadshedding kodwa yalumisa manje emini njengoba luzophinde luqale ebsuku ngo-9, kuze kube kusasa.

U-Oberholzer uthi ugesi bawucisha kuphela uma kunesidingo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background