U-Eskom ukhala Ngokugxambukela Kwe-ANC

Written by on 25 April, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Inkampani ephakela lelizwe ngogesi ithi izinkinga eziningi kwa Eskom zidalwa ukugxambukela kwe-ANC ekusebenzeni kwayo.

Isikhulu esiphezulu u-Andre de Ruyter uthi inkinga enkulu ababhekene nayo ukukhuculula inkohlakalo, nathi idla lubi kwa Eskom .

Lenkampani ibhekane nekomidi lephalamende elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi, iScopa, kulandela ukufakwa ngaphansi kohlelo lwe loadhsedding.

I-Ningizimu Afrika isibhekane nohlelo lwe loadshedding cishe iminyaka engu-18 kanti usihlalo weScopa uMkhuleko Hlengwa ukahle ngokuthi miningi leminyaka abantu beholelwa kulenkampani kodwa lungekho ushintsho.

Eziphendulela uDe Ruyter uthi benza konke okusemandleni ukuvikela ukuphehlwa kukagesi ukuze izwe lingabi mnyama bhuqe kanti inkinga enkulu kwa Eskom inkohlakalo , ipolitiki nokwenza luhambe ngonwabu uhlelo lokulungiswa kwengqalasizinda.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background