U-Eskom Uthi Ubhekene Nengcindezi

Written by on 19 September, 2022

By: Sithulile Mdlesthe

Inkampani ephakela lelizwe ngogesi u-Eskom ithi yenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi izwe alibi nenkinga.

Kusukela  ngesonto eledlule uEskom ubhekene nenkinga yokushoda kwamandla okuphehla ugesi nasekuholele ekutheni lelizwe lifakwe ngaphansi kwa-Stage 6 we-loadshedding.

Lenkampani ithembise ukuthi izothenga ugesi kubakhiqizi abazimele kusukela namuhla, ukulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi.

Ngokusho kwesikhulu sakwa-Eskom uAndre de Ruyter  Uthi iziphehlimandla ezinkulukazi e-Arnot, Kemden, Kusile, Duvha naseKriel yizo ezifelwe imshini.

Uthi okwamanje kubalulekile ukuthi abantu basebenzisane nabo basebenzise ugesi ngokucophelela besabhekene nalenkinga

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background