U-Eskom Uthi Ubungafuni Ukubuyisa I-Loadshedding

Written by on 3 February, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Oyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom u-Andre de Ruyter uthi abasithathanga kalula isinqumo sokuphindisela lelizwe ngaphansi kohlelo lokunqanyulwa kukagesi izikhawu, iLoadshedding.

Abantu bakuleli bazophinde babhekane nokunye ukuphazamiseka njengoba u-Eskom esmemezele ukubuya kokucinywa kukagesi ngaphansi kwesigaba sesibili.

I-Loadshedding iqale ngo 11 ekuseni ngolwesithathu kanti, kanti izoqhubeka ngezigaba ezahlukene kuzo zoke izindawo kuze kushaye uMsombuluko.

U-De Ruyter uthi bebenethemba lokuthi kulonyaka kuzokwehliswa ukuqanyulwa kwa gesi kodwa ngenxa yezi phehlimandla ezilokhe zicisha, loku kuzoba nzima.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background