U-Eskom Uxwayisa Ngokuqhubeka kwe-Loadshedding

Written by on 15 January, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Inkampani kagesi uEskom isixwayise ngokuthi maningi amathuba okuthi kuqhubeke uhlelo lokunqanyuka kuka gesi izikhawu, iLoadshedding, njengoba isazama ukuletha uzinzo kulenkampani.

uEskom ukhala ngokuthi izikhungo zawo zokuphehla ugesi ziyaqhubeka nokulungiswa.

Okhulumela uEskom, uSikhonathi Mantshathsa, uthi amathimba abo asebenza kanzima ukulungisa izingqalasizinda.

uMantshatsha uthi noma bengeke bakugweme ukunqanyulwa kukagesi ngezikhathi ezibekiwe kodwa kuzoba phakathi kuka 12 emini kuya ku 11 ebusuku.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background