U-Eskom Uyaxolisa!
Written by Mfundo on 10 November, 2021
By: Pamella Majola
Isikhulu esiphezulu kwa-Eskom uAndre de Ruyter siyakuvuma ukuthi ukucinywa kwagesi ngokohlelo lwe Loadshedding kuthwesa izwe lonke ingcindezi enkulukazi futhi kuphazamisa nempilo yawowonke umuntu.
U-de Ruyter uthi konke lokhu bakwenza ngenxa yezinkinga zokungabi namandla anele okuphehla ugesi ozothunyelwa ezweni lonke.
Usho kanjena ekhululuma nabezindaba, lapho echaze khona ngokwehluleka kwabo njengenkampani ukusabalalisa ugesi owanele ngenxa yezinkinga.
U-Eskom namanje usaqhubeka nohlelo lokucima ugesi izikhawu njengoba izwe lizithola ebumnyameni okungenani amahora amabili kathathu noma kabili ngelanga.
Lomholi usezwakalise nokuxolisa ngalesimo enxusa izakhamuzi ukuthi nazo zilekelele ekunciphiseni lenkinga.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.