U-Gigaba Uthi Wayengazi Ngenkohlakalo Yabakwa-Gupta

Written by on 24 June, 2021

By: Lindelani Mbatha

OwayenguNgqongqoshe kukhabhinethi, uMalusi Gigaba, uthi wayengazi ukuthi iziqumama zabomndeni wakwaGupta zibambe ngobhongwane izinkampani kahulumeni.

U-Gigaba ubethula ubufakazi ngobudlelwane bakhe nalomndeni phambi kwekhomishana kaZondo ephenya ukubhozonyelwa kombuso.

Phambilini oyisikhulu esiphezulu eShadow World investigations, uPaul Holden, utshele lekhomishana ukuthi uhulumeni usebenzise imali elinganiselwa ku-R60 billion enikeza izikampani ezibambe umbuso ngobhongwane, iningi lazo ngezakwaGupta.

Ebuzwa ngalezinsolo zenkohlakalo uGigaba, uthi inkinga enkulu ukuthi ongqongqoshe abangeni ekukhishweni kwamathenda, ngakho kubanzima ukuqonda nokwazi ukuthi ngubani osethole yiphi ithenda.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background