U-Godongwana Uthi Kuyamangaza Ukukhula Komnotho Wakuleli
Written by Mfundo on 12 November, 2021
By: Bright Ntuli
UNgqongqoshe wezezimali kuzwelonke uEnoch Godongwana uthi umnotho waseNingizimu Afrika ekoteni yokuqala yalonyaka ukhule ngendlela ebingalindelekile.
Uqhuba ngokuthi lokukhula kudalwe ukuxegiswa kwemigomo yokuvalwa kwezwe ngenxa yobhubhane iCovid-19.
Ethula isabelo mali sakhe samaphakathi nonyaka ePhalamende, uGodongwana uthi ezinye izimbangela zokukhula komnotho kube izinga eliphansi lenzalo yemali ebolekisayo, kanye namanani aphezulu empahla.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Uqhuba ngokuthi ukusabalaliswa ngendlela efanele kwemigomo ye Covid-19 nakho kuzosiza ekusimamiseni umnotho.
U-Godongwana usenxuse uhulumeni ukuthi aqinisekise ukuthi abantu bayagoma njengoba ethi ukuqhubeka kwamahlandla aleligciwane kufaka engcupheni umnotho wezwe.