U-Gumede Uqumbe Phansi uNyawose

Written by on 11 April, 2022

By: Bongani Gina

U-Zandile Gumede useqokwe njengosihlalo omusha we-ANC eThekwini.

U-Gumede unqobe ukhetho ezihlalele ekhaya ngesikhathi kuqhubeka ingqungqthela yokukhetha ubuholi obusha besifunda iTheku izolo.

Ubetholene phezulu noThabani Nyawose esikhundleni sokuba ngusihlalo, kanti umshaye ngamavoti angu 210, uNywose yena uthole amavoti angu 181.

Kube nenjabulo enkulu eDurban ICC lapho kade kubanjwelwe khona lenkomfa,  izithunywa zijabulela ukunqoba kuka Gumede.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

Abebehamba noGumede uMusa Nciki usekhethwe njengo nobhala omusha wesifunda kanti uThembo Ntuli ukhethwe njengesekela likaSihlalo.

U-Nkosenhle Madlala uphumelele kwesokuba yisekela likaNobhala mase kuthi uZoe Shabalala yena ukhethwe kwesika mgcini mafa, naye engekho

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background