U-Hlophe Ulwa Oyekuketulwa URamaphosa

Written by on 15 September, 2021

By: Zilungile Mkhize

UMengameli wamajaji eWestern Cape uJohn Hlophe usephuthume enkantolo enkulu eGauteng ukuyomisa ukususwa kwakhe njengejaji nokuvimba ukuxoshwa nguMengameli uCyril Ramaphosa.

U-Hlophe watholakala enecala yikhomishana yezobulungiswa iJSC, ngemizamo yakhe yokuphoqa amajaji enkantolo yomthethosisekelo ukuthi akhiphe isinqumo esasizovuna owayengumengameli uJacob Zuma emacaleni ayebhekene nawo ngo 2008.

U-Hlophe ufunga uyagomela ukuthi uhlelo lokuphenywa kwakhe lwalungahambisani neze nomthetho sisekelo futhi alukho emthethweni.

I-JSC kulindeleke ukuthi iphinde ihlangane futhi ngosombuluko ozayo ukudingida mayelana nalo udaba lokuthi kumiswe uHlophe emsebenzini.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background