U-Kaunda Uthi Bamatasa Balungisa Olwamanzi

Written by on 10 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Imeya yeTheku uMxolisi Kaunda ithi njengomasipala omkhulukazi bazimisele ukuxazulula inkinga yokugqoza kokuthunyelwa kwamanzi ezindaweni ezinenkinga kulelidolobha.

U-Kaunda ukhulume kanje ohlelweni lwe-Gagasi FM Indaba.

Uthi sebethethole imibiko mayelana nenkinga yokuhanjiswa kwamanzi, nesiphazamise izakhamuzi eziningi kanjalo namabhizinisi.

U-Kaunda uthi kumanje balungisa ipayipi elikhulukazi elihambisa amanzi eMlazi eningizimu neTheku, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ayafinyelela kuwona wonke amakhaya, nathike umsebenzi ozodla izindodla zemali.

Uthi lokhu kuqhutshwa ngokubambisana noMngeni Water kulandela umhlangano ababa nawo nekokomidi lakhona ukuthola izixazululo ezinkingeni zamanzi.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background