U-Khoza Ucacisa Eyokugawulwa Yizembe

Written by on 12 January, 2022

By: Bongani Gina

Osekhishwe esikhundleni sokuba ngusihlalo we-Action SA eKZN, uMakhosi Khoza, uthi uyaqonda ukuthi kuke kube nzima kubasunguli beqembu kanye nabaxhasi balo ukudedela amandla ikakhulukazi kumaqembu asemasha.

U-Khoza usho lokhu kulandela ukukhishwa kwakhe esigungwini sobuholi obuphezulu eqenjini kanye nasekubeni ngusihlalo waleliqembu KwaZulu-Natal.

Ukungaboni ngasolinye kukaKhoza nobuholi be-Action SA obuphezulu, buholwa ngumholi weqembu uHerman Mashaba nosihlalo uMichael Beaumont, kuqale emuva kokuba uKhoza evotelwe ngamakhansela e-ANC kumasipala weTheku ukuba abe ngusihlalo wekomidi elibhekele ukusebenza kwezimali emkhandlwini iMPAC.

Lokhu kuqinise izinsolo ebeziveza ukuthi kuyosalakala ukuthi uKhoza wavota ne-ANC kunokuthi avote namaqembu aphikisayo eThekwini ngesikhathi kuvotelwa iMeya nesekela layo.

Lokhu kuholele ekutheni uMashaba noBeaumont benxenxe uKhoza ukuba ashiye isikhundla sokuba ngusihlalo nesokuhlala esigungwini sobuholi obuphezulu.

Estatimendeni asikhiphele abezindaba uKhoza uthi uyaxolisa kuMashaba ngokungamethembi kwakhe futhi uyaxolisa nasemphakathini ngokuthi ipolitiki yangaphakathi igcine isiphumele emphakathini.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background