U-KK Nkosi Ugxeka Eyokusetshenziswa Kwegama Lakhe Ukuqola Abantu

Written by on 31 July, 2023

By: Sthulile Mdlesthe

UNgqongqoshe wezokuhlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal, uSipho “KK” Nkosi, usekhiphe isexwayiso mayelana nekhasi lika Facebook eselivuliwe, nekuyalelwa kulo abantu ukuthi bakhokhe imali ukuze bathole izindlu zikahulumeni zomxhaso.

UNkosi uthi akekho umsebenzi kahulumeni okumele abe ingxenye yohlelo lokudayiswa kwezindlu zomxhaso ngoba lokhu kuwubugebengu.

UNgqongqoshe usenxuse umphakathi ukuthi uqaphele ungaphoseki ogibeni lwezigebengu ezisebenzisa igama lakhe nelomnyango ukufeza izinhloso ezimbi zokubamba abantu inkunzi.

UNkosi usephinde wacela abantu ukuthi baqinisekise komasipala babo kanye nemnyango ethintakeayo uma befuna imininingwane ehlobene nokwakhiwa kwezindlu zikahulumeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background