U-Kodwa Uyazihlangula Kwinkohlakalo

Written by on 9 May, 2022

By: Bongani Gina
Oyisekela likangqongqoshe wezobunhloli ehhovisi likaMengameli, uZizi Kodwa, uthi useludlulisele kuba mmeli bakhe udaba lokuthinteka kwakhe enkohlakalweni ngokombiko weState Capture Commission.

Umbiko wokugcina weKhomishini kaZondo uyalela umengameli uCyril Ramaphosa ukuba abhekisese futhi abuyekeze isikhundla sika Kodwa, ophinde abe yilungu lesigungu esiphezulu ku-ANC i-NEC.

Umbiko kaZondo udalula ukuthi uKodwa wahlomula ngesamba semali esithile enkampanini kasomabhizinisi osolakala ngenkohlakalo, uJehan Mackay.

Khonamanjalo, uKodwa uthi akukho okubi akholelwa ukuthi wakwenza yena.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background