U-Lux Uphindela Enkantolo

Written by on 28 March, 2022

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Umgqugquzeli weOperation Dudula nelwisana nabantu bokufika abangenazo izincwadi zokuba kuleli,  uNhlanhla “Lux” Dlamini, uzovela enkantolo kamantshi yaseRoodeport eGoli, namhlanje.

U-Lux ubhekene necala lokugqekeza nokwebiwa kwempahla alivulelwe uVictor Ramerafe noyilungu le-EFF eDobsonville, khona eGauteng.

Lenhlangano ithi lomkhankaso oholwa uLux, sowugcwele izinswelaboya ezifuna ukufeza ezawo izidingo ezingezinhle, futhi usugcwele nobugebengu.

Omunye okhulumela abalandeli baLux, uKenny Kunene ongumholi we-Patritioc Alliance, uthi sekukhona nabamfuna uLux.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background