U-Mabe Ubhodla Umlilo Ngabamashela I-ANC

Written by on 16 September, 2021

By: Pamella Majola

I-ANC ithi ngeke ibakhokhele abasebenzi abakhethe ukuduba umsebenzi wabo bangenela isiteleka, bekhala ngokungaholelwa ilenhlangano nokuhola imali engaphelele.

Oyiskhulumi seANC kuzwelonke uPule Mabe uthi bayakuqonda ukuthi inhlangano vele inezinkinga ebhekene nazo zemali, kodwa lokhu bayakulungisa ngaphathi.

Izolo abanye abasebenzi beANC okubalwa kubo nabasebenza ehholvisi likanobhala jikelele, baphikelele enkantolo behambisana nobeyilungu lalenhlangano osexoshiwe uCarl Niehaus, beyovulela ubuholi benhlangano amacala okuxhashazwa njengabasebenzi.

U-Mabe uthi uNiehaus uyazi kahle imigudu nemigomo kaKhongolose, egcizelela ngokuthi uma enobufakazi ngalezinsolo abazethule emaphoyiseni, akaphumele obala nabo.

Uthi iqembu alikwazi ukuthi lingaholela abantu izinsuku abakhethe ukungazisebenzi.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background