U-Mabuza Umema Abelaphi Bendabuko Empini Ye-HIV/AIDS

Written by on 1 December, 2021

By: Nhlakanipho Mnqayi

Njengoba umhlaba wonke ubungaza iWorlds Aids Day namhlanje, i-United Nations seyiveze ukuthi abantwana abancane bangenwa yigciwane le-Ngculaza njalo ngemizuzu emibili.

Lenhlangano ithi balinganiselwa ku 250 000 abantwana abatheleleke ngalesi sifo ngonyaka ka-2020.

Ucwaningo olukhishwe yi-UN, lukhomba ukuthi umuntu oyedwa kwabahlanu unayo iHIV eNingizimu Africa.

Sekuvele nokuthi iningi eliguliswa yileligciwane eAfrica yonkana ngabantu besifazane.

I-UN ithi kumele iqine imikhankaso nezinhlelo zokulwa neHIV/Aids ukuze inqotshwe okungenani ngonyaka ka-2030.

Kanti usekela Mengameli wakuleli ophinde abe ngusihlalo we SA National Aid Council, uDavid Mabuza, uthi abelaphi bendabuko nabo kumele bayeseke imikhankaso yokulwa naleligciwane.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background