U-Mabuza Uthi Ithemba Likumgomo

Written by on 8 September, 2021

By: Sanelisiwe Dlangamandla

Usekela mengameli uDavid Mabuza uthi ukugoma sekuyilona kuphela ithemba lelizwe elinalo lokuthi isimo sibuyele kwesejwayelekile.

U-Mabuza usho kanje ngenkathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso wokugoma iReturn to Play, eGoli.

Lomkhankaso osingethwe ngumnyango wezamasiko namaciko kuhloswe ngawo ukugqugquzela abantu bakuleli ukuthi bagomele leligciwane ukuze ezikaqed’ isizungu ziphinde zivulwe ngokuphelele.

Usekela mengameli uthi ukuvalwa kwemicimbi yobumnandi akukhahlamezile amaciko nje kuphela, kodwa kube nomthelela ongemuhle nasemabhinizisini kanye nezokuvakasha, nokusho ukuthi nomnotho nawo ngokunjalo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background