U-Mafe Usevumile Ukuthi Nguye Owashisa IPhalamende
Written by Mfundo on 10 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
Umlisa osolwa ngokuqala umlilo owacekela phansi izingxenye ezahlukene zePhalamende kulindeleke ayofaka isicelo sebheyili enkatholo kamantshi yaseKapa kusasa.
Imibiko esivelile ithi uZandile Christmas Mafe, useze wakuvuma kuma Hawks ukuthi ngempela nguye owaqala lomlilo.
Nokho, ummeli wakhe uLuvuyo Godla uthi uzosiphikisa lesenzo sika Mafe sokuvuma icala, nathi uthe mezwa ngokuthi usenzile wamubuza ngaso, wathola ukuthi akanalo ngisho nolwazi lokuthi lichaza ukuthi igama lesilungu elithi ‘Confession’.
Ama-Hawks athi aseqoqe ubufakazi obanele ngalelicala nobumthinta ngqo umsolwa.
Awafunange ukuphawula ngemibiko ethi emkhukhwini kaMafe kutholakale isikibha se-ANC, iziqeshana zamaphephandaba angeminyaka yo-1980 anezindaba zezePolitiki, kanjalo nezingqwembe ezinemibhalo ethi makukhululwe umbulali kaloyo owayengu nobhala weSACP uChris Hani, uJanusz Walus ejele.
Khonamanjalo, umndeni ka-Mafe usuzichaze njengamampunge nombhedo izindaba ezithi uZandile waqeqeshwa ngokuyimihlo, futhi ngendlela ephambili kwezempi eRussia.
Lomndeni wakwa Mafe uthi uZandile ukhulele eMahikeng eNorth West, kwathi kuleminyaka edlule walibangisa eKapa eyozama amatoho.
Uphawula kanjena nje, sekuqubuke imibiko ngisho nasemaphepheni imbala, ethi umsolwa lo, unolwazi olunzulu kwezempi kanye nezikhali, naluthola emazweni aphesheya kwezilwandle.
Okhulumela umndeni uZamile Matiwane usetshele abezokusakaza kuleli ukuthi badumele ngamanga asekhulunywe izwe lonke, futhi bazothathela labo abafafaza lokhu izinyathelo zomthetho.